IZITHOMBE: Iphendulwe ihlaya i-#SONA 2017 ezinkundleni zokuxhumana

2017-02-10 14:02

Johannesburg – Izidubedube zasephalamende ezenzeke ngesikhathi kunenkulumo kaMengameli Jacob Zuma abeyibhekise esizweni, iState of the Nation Address (SONA), ziphendulwe ihlaya ezinkundleni zokuxhumana.

Le nkulumo kaMengameli yonyaka ka-2017 yenze kwaqubuka inqwaba yezithombe ezihambisana nemibhalo (memes), kanti iningi lazo besezivele zisabalele ngisho nangaphambi kokuthi uMengameli Zuma athule le nkulumo.

OLUNYE UDABA: USomlomo uyitotose kakhulu i-EFF: Mantashe

Kube wubuzukuzuku ngaphambi kokuthi uZuma athule inkulumo yakhe ngenxa yomdonsiwano obukhona ePhalamende noholele ekutheni kukhishwe ngendluzula amalungu e-EFF.

Kulesi sigameko kube nokujikijelana ngamazwi phakathi kwamalungu ePhalamende kanti kuphinde kwaqhuma nesibhakela, kwabanjwana nangezihluthu ngesikhathi sekukhishwa amalungu e-EFF.

Zibonele amanye ama-meme asungulwe ngesikhathi se-#SONA2017 nadidiyelwe yiFin24:

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...