IZITHOMBE: Ibelethele emanzini intokazi eyayilingisa kuMuvhango

2017-11-17 16:05

eThekwini - Uthi injabulo ingenhla usaziwayo osanda kubeletha indodakazi yesibili ngendlela engajwayelekile.

UMona Monyane obekhulelwe ingane yakhe yesibili wathola ukugxekwa ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana ngokusheshe alamanise.

Le ntokazi, egane umlingisi uKhulu Skenjana, ayizange ibanake abayigxeka ngokuthi indodakazi yayo yokuqala ibingakaqedi nonyaka ngesikhathi iveza ukuthi isikhulelwe futhi.

Abantu babebabaza ukuthi le ntokazi yathola ingane yayo yokuqala ngo-Agasti wangonyaka odlule, kwathi kulo nyaka kwavela izindaba ezithi isikhulelwe futhi.

OLUNYE UDABA:Uzobusiswa ngengane yentombazane ongudokotela kuMuvhango

Yathathela ezinkundleni zokuxhumana ukuzwakalisa uvo lwayo, yathi impilo yayo izoyiphila ngendlela ethandwa yiyo.

Kulokhu, uMona ubhale ku-Instagram eveza okokuqala isithombe sendodakazi yesibili ngesikhathi esanda kubeletha.

Kule ngane yesibili, le ntokazi ibelethele emanzini ekhaya layo. UMona uthi konke kuhambe kahle futhi uyabonga kubo bonke abebemkhulekisa nomndeni wakhe kwaze kwaba iyazalwa indodakazi yabo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...