IZITHOMBE: Bakhala ngogesi ababhikisha eQwaQwa

2018-02-06 12:29

QwaQwa – Ababhikishi eQwaQwa eFree State bavale imigwaqo ngamathayi avuthayo nangamatshe amakhulu ngoLwesibili ekuseni.

"Iyasha indawo yaseQwaQwa namuhla ekuseni nezimoto azihambi. Zonke izitolo zivaliwe kanjalo namabhizinisi," kusho uPeter Khumalo weSouth African Communist Party (SACP) eFree State etshela abeNews24.

UKhumalo uthe ababhikishi bakhala ngokungabibikho kukagesi kuleya ndawo.

OLUNYE UDABA:Kuphinde kwama ukusebenza komunye umbhikisho eVuwani

"Ezinye izindawo azinawo ugesi futhi njengomphakathi sicela iMeya uVusimusi Tshabala aphume ehhovisi ngoba udla imali," kuqhuba uKhumalo.

Uthe selokhu kwangena uTshabalala esikhundleni sobumeya azelethwa izidingo zomphakathi.

UKhumalo uphinde wasola uTshabalala ngokuqasha abantu abangu-500 ngokungemthetho.

"Ayikho inqubo elandeliwe futhi ayizange yenziwe nenhlolokhono."

UTshabalala akatholakalanga ephawula. 

IZITHOMBE:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...