IZITHOMBE: Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ngalaba basolwa

2017-08-11 18:02

Durban - Amaphoyisa aseBellair, eThekwini, anxusa umphakathi ukuba ubafunise abasolwa ababili abathinteka ezigamekweni ezimbili zokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele uthe izisulu zihlaselwe ngabalisa abangaziwa.

OLUNYE UDABA:Baliphikile icala abasolwa ngokufaka umuntu ebhokishini lomngcwabo ephila

“Kubanjwe inkunzi izisulu zikhonjwe ngesibhamu, abasolwa babaleka nezinto zabo ezingamagugu.

"Amaphoyisa akholelwa ukuthi abalisa ababili abathintekayo kulesi sigameko,” kusho uMbhele.

UMbhele uthe ongaba nolwazi ngalaba basolwa kucelwa ukuba athintane noWarrant Officer Kumar:  079 500 1412, kubika i-KZN Eyethu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-30°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...