IZITHOMBE: Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ngalaba abalahlekile

2018-02-22 18:01

eThekwini - Amaphoyisa aseZakheni acela umphakathi ulekelele kutholakale ikhehla elilahlekile.

Amaphoyisa acela ukufuniswa uMavimbela Hadebe, 76, waseDriefontien ngaseMnambithi.

UHadebe wagcina ukubonakala ngomhlaka-10 Febhruwari endaweni yaseMankandana eMhlumayo. Kuthiwa walahlekelana nabantu ayehamba nabo kanti akazange aphinde abonakale kusukela lapho.

Kuthiwa ungu-1.8m ubude, wondlekile emzimbeni futhi unamadevu nentshebe. Kuthwa wayegqoke amateki ampunga, i-overall eluhlaza sasibhakabhaka kanye nekepisi elimhlophe.

Uma kukhona onolwazi ngaye angaxhumana noSergeant TW Ntshingila emaphoyiseni aseZakheni ku-036 636 9550/082 558 0763.

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: Amaphoyisa acela ukufuniswa uzakwabo olahlekile eGingindlovu

Amaphoyisa aseThekwini wona acela ukufunsiwa uThandazani Lucky Nxumalo, 48, wakwaKwaMakhutha. Kuthiwa wagcina ukubonakala ngomhlaka-16 Febhruwari 2018 emgwaqeni uKE Masinga Road, eThekwini.

Kuthiwa akaphilanga kahle ekhanda nokuyinto eyenzeka ngemuva kokubandakanyeka engozini yemoto.

Wagcina ukubonakala egqoke ijini, isikibha esi-navy kanye namateki ampunga.

Uma kukhona onolwazi ngaye angaxhumana noConstable Damoyi ku-031 325 4075/073 446 8218.

Amaphoyisa aseChartsworth wona acela umphakathi ulekelele kutholakale intombazanyana ogama layo nguNomfuno Ncwane, oneminyaka engu-14 ubudala.

UNcwane wagcina ukubonakala ngomhlaka-5 kwephezulu endaweni yaseWelbedacht East, eChatsworth.

Imbangela yokunyamalala kwakhe kayaziwa kanti akuqondakali kahle ukuthi wayegqokeni ngesikhathi sokunyamalala kwakhe.

Uma kukhona onolwazi ngaye angaxhumana noDetective Constable Zama osebenzela uphiko lweChatsworth Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit ku- 079 146 3193, noma ashayele amaphoyisa aseChatsworth ku-031 451 4267. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...