IZITHOMBE: Amalungu ephalamende afike eselindwe amasosha, ababhikishi kanye ne-EFF

2017-02-09 18:02

Cape Town – Ababhikishi, abanye babo abahlome ngezimvubu, sebeqalile ukutheleka ngobuningi babo edolobheni laseKapa ngaphambi kwenkulumo kaMengameli Jacob Zuma ebhekwe ngabomvu nazobe eyibhekise esizweni, iState of the Nation Address (SONA).

Abanye abantu bebelibangise eGrand Parade nokuyilapho i-ANC izobe ibambe khona umcimbi wayo ozobe uqhubeka ngesikhathi esifanayo ne-SONA.

OLUNYE UDABA: I-EFF ifuna kudingidwe udaba lukaZuma, angakhulumi uMengameli

Abanye babonakale bephethe izingqwembe ezibhaliwe bebheke esiteshini sesitimela eKapa, nokwenze kwama nse ukusebenza kulesi siteshi.

Ngakolunye uhlangothi amaphoyisa abekule ndawo abebukeka ekhathazekile.

Ngaphambilini kubonakale ababhikishi abebedlubhe imibala ye-ANC behlanganyela ku-Adderley Street.

Kwenza lokhu nje ne-EFF nayo ibiviva njengoba ihlanganele emgwaqeni oseduzane, uChurch Street.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...