IZITHOMBE: Abantu baphume ngobuningi babo ukuyovalelisa u-Ontlametse

2017-04-21 09:31

North West – Abazili baphume ngothi lwabo ukuyovalelisa u-Ontlametse Phalatse njengoba eseyobekwa ekhaya lakhe lokugcina ngoLwesihlanu.

Owesifazane obesesixukwini uhlulekile ukubamba izinyembezi ngesikhathi sekuphuma ibhokisi likaPhalatse liyofakwa etendeni okubanjelwe kulo inkonzo yakhe yomngcwabo ekhaya lakhe eHebron, eNorth West.

Amaphoyisa abenkanise yonke indawo njengoba bekulindeleke ukuthi kutheleke uMengameli Jacob Zuma nezinye izicukuthwane kulo mngcwabo.

UMengameli Zuma ufike ngemuva kwehora lesishiyagalombili.

OLUNYE UDABA: LALELA: Ingoma ebhalelwe u-Ontlametse

ISekela likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uHendrietta Bogopane-Zulu noNdunankulu waseNorth West, uSupra Mahumapelo, nabo bakhona emngcwabeni.

Yize amakhaza eshubisa umnkatsha, abazili baqale ukutheleka ngabo-06:00 ukuzothi ndlelanhle kuPhalatse.

Le ntokazi idlule emhlabeni ngoLwesibili olwedlule, ngaphambi kosuku lokuzalwa lukamama wayo, uBella, noMengameli Jacob Zuma.

UPhalatse, 18, wayemenywe emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lukaMengameli Zuma kepha wangalithola ithuba lokugqoka ingubo ayeyithungisele lo mcimbi njengoba waficwa ukufa.

Ushonele eDr George Mukhari Hospital, eGa-Rankuwa, ngemuva kokukhala ngobunzima bokuphefumula.

Zonke izikhulumi emngcwabeni zibalule umoya wakhe omuhle kanye nokungazenyezi.

IZITHOMBE:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...