Izithandani zibanjwe inkunzi epulazini, ziboshiwe

2017-12-04 17:59

Nelspruit – Amaphoyisa aseqalise uphenyo ngabasolwa ababili abahlasele izithandani epulazini eliseWhite River, enyakatho yeNelspruit, eMpumalanga.

Abasolwa ababili kuthiwa bathathe imoto yezithandani, izibhamu, izinhlamvu kanye ne-telescope ngoMgqibelo, kusho uColonel Mtsholi Bhembe ngoMsombuluko.

Isigameko senzeke ngabo-11:00 ekuseni ngesikhathi umyeni nomkakhe bebuya edolobheni, kusho uBhembe.

"Ngokwemininingwane etholwe amaphoyisa, abasolwa akwaziwa ukuthi bavumbukephi, basebekhomba ngesibhamu izithandani, ngaphambi kokuba bazibophe. Kuthiwa bathathe unkosikazi baya naye endlini, bashiya umyeni wakhe ngaphandle,” esho.

OLUNYE UDABA: Ifuna ibheyili indoda yowesifazane owadutshulwa

Uthi bathathe izibhamu ezine zohlobo lwe-38 Special revolver kanye nezinhlamvu ezingu-25 zazo, yisibhamu sokuzingela sohlobo lwe-303 ebesinezinhlamvu ezingu-40, kanye nama-shotgun amabili, yizinhlamvu zawo ezingu-22 kanye ne-telescope.

Umyeni ugcine ekwazile ukuziqaqa wayofuna usizo emgwaqeni, wakwazi nokubiza inkampani yonogada.

Kuthiwa abasolwa bazamile nokweba iveni lohlobo lweNissan kodwa behluleka, bagcina bentshontshe imoto yohlobo lwe-Mercedes-Benz.

Amaphoyisa acela noma ngabe ubani ongawasiza ngophenyo ukuba axhumane noWarrant Officer Joubs Joubert ku-082 7144 983.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...