Izinkulungwane zabagibeli zisale dengwane njengoba kumisiwe ukuhamba kwezitimela

2018-01-16 12:30

Cape Town – Izinkulungwane zabagibeli bezitimela eKapa zisale dengwane ngoLwesibili ekuseni njengoba kusamisiwe ukuhamba kwezitimela kwezinye izindawo.

Ukuhamba kwezitimela kumiswe ekupheleni kwenyanga kaDisemba ngenxa yokwanda kwezigameko zokucekelwa phansi kwazo nezokwebiwa kwamakhebuli.

Izisebenzi beziwotha ubomvu futhi ngemuva kokuba kudutshulwe kwabulawa unogada esiteshini sesitimela eChris Hani ngasekuqaleni kwenyanga.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zisabise ngokushisa isikole esifundisa ngesibhunu kuphela - Umbiko 

Umzila ovaliwe ungomatasa kakhulu eKapa, njengoba uhamba izitimela ezithutha abantu baseMitchell's Plain nabaseKhayelitsha. 

Izinyunyana zithi abashayeli ngeke babuyele emsebenzini kuze kube isimo siyalungiswa.

Umholi weCosatu eWestern Cape, uTony Ehrenreich usola iMetrorail ngokulaxaza abagibeli ngokungababoneleli ngezinye izinto abazohamba ngazo.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...