Izinkampani zamabhasi kumele zibuyisele abantu izimali zabo - Cosatu

2017-04-14 09:12

Johannesburg – Izinnkampani zamabhasi kumele zibuyisele abagibeli izimali zabo njengoba kunesiteleka.

Lokhu kushiwo ngumfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi kuleli i-Cosatu ngoLwesine.

“Abagibeli basale dengwane ngenxa yesiteleka sikazwelonke sabashayeli bamabhasi.

“Abantu abaningi abasebenzisa izithuthi zomphakathi bathenge amathikithi esonto lonke kanye namathikithi okuhamba ngale mpelasonto yePhasika futhi abazange batshelwe ukuthi kungenzeka bangazitholi izinsiza zokuhamba ngenxa yesiteleka,” kusho lo mfelandawonye ngesitatimende esikhishwe ngoLwesine.

OLUNYE UDABA:Abamabhasi bathi basazoqhubeka nesiteleka

ICosatu ithi izinkampani bekungamele zamukele imali yokuthengwa kwamathikithi ngoba bebazi kahle ukuthi abanazo izinhloso zokuhlinzeka abagibeli ngesinzisa zokuhamba.

I-NUMSA isichithile isiphakamiso sakamuva ebesibekwe umqashi, yaphinde yathembisa ‘ukuqinisa isandla’ esitelekeni, kubika iCitizen.

Izingxoxo zisaqhubeka.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...