Izinkabi zijikele osomatekisi zifuna ukuwudla ngo-dli umsebenzi

2017-03-09 19:31

Durban - Osomatekisi baseMolweni eThekwini bathi izinkabi zibamise kabi zifuna ukuwudla ngenkani umsebenzi kule ndawo.

"Bafika bethi bazogada umsebenzi kodwa konke lokho kwashintsha esithubeni sebefuna ukusebenza njengabanikazi bamatekisi. Kuba nzima ukulawula la bantu abasuke befike ngokugada. Ukukhuluma kwakho kuba ukuqala udlame," kusho omunye usomatekisi wakule ndawo ocele ukuba igama lakhe ligodlwe. 

Omunye umthombo osendelene nalolu daba utshele abeSolezwe ukuthi isimo simuncu kakhulu kulo sosesheni njengoba bengazi ukuthi ubani ozolandela ukuhlaselwa yizinkabi ezibahlalise lubhojozi. 

"Asazi ubani ozolandela. Inkinga sibulalana sodwa kulo sosesheni. Akwaziwa msuka wombango kodwa yiwona umsebenzi wamatekisi obangwayo. Kunzima ngoba asisakwazi ukubheka umsebenzi ngendlela, asikwazi nokukhuluma ngoba ugcina usuyisitha," kusho umthombo. 

OLUNYE UDABA:Kulimale abantu abathathu kudubulana osomatekisi eGoli

UMnz Mandla Mzelemu, wezokuxhumana enhlanganweni yamatekisi iSantaco esifundazweni, uthe bakhathazekile ngezigameko zokubulawa kwabantu kulo soseshini. 

"Kwesinye isikhathi kuke kube lula uma uxazulula udaba oluphakathi kososeshini ababili, manje lana kubulawa abantu basoseshini owodwa. Siyazi ngalesi simo saseMolweni futhi siyazama ukusixazulula," Kusho uMzelemu. 

UMnz Kwanele Ncalane, okhulumela uMnyango wezokuPhepha, uthe bayazi ngodaba lwaseMolweni. 

"Inkinga yaseMolweni kuke kwaba nesikhathi ngonyaka odlule lapho besiyisebenza ukuxazulula isimo. Bekubukeka sesidambile isimo. Uma sekuqale phansi kulo nyaka sizophinde singenelele," kusho uNcalane.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...