Izingozi zangempelasonto zidlule nababili eThekwini

2017-11-20 07:02

Durban – Kushone abantu ababili engozini, kwathi kwezinye izigameko zengozi ezimbili ezibandakanya amatekisi, kwasala abantu abaningi belimele, kusho abezimo eziphuthumayo bakwaRescue Care mayelana nezingozi ezenzeke eThekwini ngeSonto.

“Ingozi eyenzeke ku-Alpine Road nakuMngeni Road [ngoMgqibelo] ebusuku idlule nemiphefumulo yabantu ababili kwathi abanye abantu balimala,'' kusho uGarrith Jamieson.

Uthe abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bazithela phezu kwengozi enyantisa igazi, enye imoto iphakathi nomgwaqo kanti enye ibisemseleni.

OLUNYE UDABA: Kushone 7 wabantu kwalimala 5 engozini kugingqika iveni

Abantu ababili abebesemotweni ebisemseleni bebelimele kabi, okubalwa nomfana oneminyaka engu-15 ubudala. Baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.

Kule moto ebimaphakathi nomgwaqo, enye indoda kuyo itholakale ishonile enye ilimele. Bekukhona nabesifazane kuyo; omunye kubona ushonele esibhedlela kanti lo omunye ubelimele kabi.

Khonamanjalo, ngeSonto ekuseni, eBerea, kulimale abantu abangu-15 ngesikhathi imoto itholana phezulu nezimoto ezimbili.

Kwesinye isigameko futhi, kulimale abantu abangu-24 ngesikhathi itekisi ishayisana nemoto encane emgwaqeni omkhulu u-N3 ngaseSherwood. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...