Izingane zakuleli ziqala ukuhlupheka zingakazalwa

2015-11-10 11:31

Cape Town - Ziningi kakhulu izingane zaseNingizimu Afrika eziphila ngaphansi kobubha, ngokombiko omusha okhishwe ngoLwesibili.

Ingxenye eningi yezingane zaseNingizimu Afrika namhlanje, ikhomba ukuthi ikusasa lizokhungathwa yizinga eliphansi lemfundo, yizinga eliphezulu labangasebenzi kanye neliphezulu labantu abathola isibonelelo sikahulumeni, ngokusho kombiko we-University of Cape Town’s  (UCT) 2015 Child Gauge.

Funda n alolu daba: Kushone unogada nesigebengu itholene phezulu

Ngokombiko, inhlupheko iqala ngisho nangaphambi kokuba izingane zizalwe.

“Okwenzeka ingane isasesibelethweni sikanina, ingakazalwa… kunomthelela ekuphumeleleni nasekuntuleni kwengane empilweni,” kusho udokotela wengqondo e-UCT, uCatherine Ward.

“Izingane zabesifazane ezingakutholi ukudla okunempilo zilimala ngezindlela ezihlukene,”usho kanje wathi kuyenzeka futhi izingane zikhule zingenayo ingqondo ecabanga kahle.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...