Izingane sezilahle ithemba ngokutholakala kukanina

2018-02-05 16:02

Johannesburg - Umndeni kamama wezingane ezintathu oneminyaka engu-43 ubudala, uFaith Manyara, usulahle ithemba ngokuthi uyoke abuye ekhaya njengoba sekuphele amasonto amabili engaziwa ukuthi ukuphi.

Ingane yakhe endala, u-Ebrahim Ongori, 23, ithi bagcina ukubona unina eya emsebenini ngoJanuwari 23, wangaphinde wabuya ekhaya.

“Umama akaze ayenze into efana nale. Uya emsebenzini kuphela bese eyabuya ezochitha nathi isikhathi sakhe,” esho.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi ayaphenya ngokuduka komuntu.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa ababulale umfundisi esontweni

UManyara, odabuka eKenya, sekuphele iminyaka eyishumi esebenza lapho kucwalwa khona izinwele eKraaifontein, ngaphandle kwaseKapa, kanti ujwayele ukuphuma ekhaya ngabo-09:30 ekuseni.

Lo mama uqashe indawo yokuhlala emzini okuPlein Street, eParow, kanti uhlala khona nezingane zakhe ezintathu.

Onemininingwane engasiza kutholakale uManyara angaxhumana namaphoyisa ku-08600 10111.


- IOL

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...