Izikhulu zikahulumeni zizoqala ukuhlola umonakalo odalwe yisiphepho e-KZN

2017-10-11 09:21

Durban – Izikhulu zikahulumeni KwaZulu-Natal, okubalwa neMeya yeTheku uZandile Gumede, zizohambela izindawo ezikhahlamezekile esifundazweni kulandela ukuhlasela kwesiphepho, ukuze kuhlolwe umonakalo.

NgoLwesibili, kushone okungenani abantu abayisikhombisa ngenxa yezikhukhula ezidalwe yimvula enkulu kanye nomoya obuvunguza ngamandla.

Phakathi kwababe yizisulu kubalwa umama nendodakazi yakhe abawelwe wudonga sebephuma ePrince Mshiyeni Hospital, bafa ujuqu; iphoyisa elishone imoto yalo icindezelwa yisiqukathi emtateni eThekwini; umfana omuke nomfula eZinqoleni; indoda emuke nomfula eNquthu kanye nengane eshaywe wumbani eNquthu.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuba kuqale ukuthungathwa kwengane emuke nomfula kulandela ukuthi inkulisa ebigcinwe kuyo ingenwe ngamanzi eMlazi.

Izikhulu kulindeleke ukuba zihambele izindawo ezehlukene ukuhlola umonakalo.

Kuthiwa zizohambela izibhedlela iKing Edward nePrince Mshiyeni lapho okulimale kwaphinde kwashona khona iziguli ngenxa yesimo sezulu esingesihle.

Kulindeleke ukuba kuqale nokukhucululwa kwemigwaqo emikhulu kanye nezinye izindawo ezithintekile ngoLwesithathu.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...