Izikhukhula zibulale 3 eNorth West

2017-02-23 07:00

Rustenburg – Sezibulale abantu abathathu izikhukhula eNorth West, kusho uNdunankulu wesifundazwe uSupra Mahumapelo ngoLwesithathu.

Kuminze umfundi wesikole samabanga aphansi ngesikhathi ezama ukuwela umfula omncane eLeporung, eduzane nasesigodini iMakgobistad, kwathi abanye abantu ababili bashonela eLemenong, ePhokeng, ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo imuka nezikhukhula kuleli sonto, kusho isitatimende.

OLUNYE UDABA: Izikhukhula zidale umonakalo eLimpopo naseKZN

Izindawo ezithintekayo kubalwa indawo yaseRatlou, eKagiso-Molopo, iGreater Taung, iRamotshere Moiloa, iMahikeng naseMoses Kotane, iRustenburg, iMaquassi Hills nomasipala wendawo iMatlosana.

Izikhulu zikahulumeni wesifundazwe zithunyelelwe ukuba ziyobheka umonakalo odalwe yimvula ezinamandla.

UMahumapelo udlulise amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...