Izigebengu zishaye zachitha nemoto kunengane phakathi eThekwini

2017-03-10 18:00

Durban –Amaphoyisa aseThekwini athungatha abasolwa abadune imoto eGame City kukhona ingane enenyanga eyodwa izelwe phakathi.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu emini edolobheni eThekweni.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe umama ubehamba nosana lwakhe olunenyanga luzelwe kanye nendodana eneminyaka engu-8 ubudala ngesikhathi behlaselwa.

Kuthiwa lo mama ohamba ngemoto yohlobo lweToyota Yaris uhlaselwe amadoda amabili enxanxatheleni yezitolo eGame City.

“Laba bafike bafuna ngenkani izikhiye zemoto maqede babaleka nemoto kukhona usana phakathi,” kusho uZwane.

OLUNYE UDABA:Iphephile ingane okudunwe imoto kamama iphakathi

Kuvulwe icala lokuduna kanye nokuthumba esiteshini samaphoyisa eThekwini.

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi le moto enezinombolo ezithi ND 576-648 yatholakala kuMoodie Crescent, eMontclair, ngoLwesihlanu ntambama.

"Siyitholile imoto, kepha namanje sisathungatha usana."

Nasi isithombe sosana ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...