Izigebengu ziphoqe umndeni ukuba uyokhipha imali kwi-ATM
2017-11-02 18:01
Durban – Abesilisa abababili ebebehlomile bezifihle nobuso bathumbe amalungu amane omndeni eThekwini bawaphoqa ukuba aye egaraji eliseduzane ukuyokhipha imali kwi-ATM.
UCaptain Nqobile Gwala utshele iNews24 ukuthi abesilisa, ebebezimboze ubuso, bahlasele lo mndeni emzini wawo okuDunkeld Road, eReservoir Hills ngezithuba zabo-4:00 ekuseni ngoLwesithathu.
"Kuthiwa bathathe ubucwebe kanye nezinye izinto,” esho.
Okhulumela iBlue Security u-Andreas Mathios uqhube wathi abesilisa baphoqe umndeni ukuba ungene emotweni, baya kwi-ATM. Babaleke ngonyawo ngokuhamba kwesikhathi.
OLUNYE UDABA: Ulaxaze isicelo sebheyili osolwa ngokuphoqa isisebenzi ukuba silale nezinja
"Behle emotweni yalo mndeni sebehamba ku-M19, babaleka babheka ngasemijondolo eku-Quarry Road East. Umndeni ube usuhamba ngemoto waya ekhaya."
Akulimalanga muntu kulesi sigameko, kusho uMathios.
UMathios uthe izigebengu, ebezihlome ngezibhamu, zisebenzise isitebhisi esingamamitha angu-8 ubude ukungena ngewindi abaligqekeze esitezi sesibili.
Kuvulwe icala lokuphanga esiteshini samaphoyisa eSydenham, kuqhuba uGwala.
Bekungakaboshwa muntu.
- News24