Izigebengu ziphange isitolo sakwaTelkom eSprings

2017-08-23 07:01

Springs -  Isitolo sakwaTelkom enxanxatheleni yaseSprings, sigetshengwe ngabasolwa babaleka nama-IPhone nezinye izinto.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Johannes Ramphora uthe amadoda amane abehlome ngezibhamu ezimbili agasele kulesi sitolo ekuseni ngo-10:40.

La madoda afike ayalela abasebenzi ukuba bayongena egumbini elihlala impahla.

OLUNYE UDABA:Buka: Izigebengu azithathanga ngisho umzuzu ukweba imali konogada

“Abasolwa ababili baphoqe abasebenzi kanye namakhasimende ukuba baye ngemuva egumbini eligcina impahla. Ababili basale bezitapela impahla ngesikhathi laba abanye bebexosha abebengena kulesi sitolo bezothenga,” kusho uRamphora.

La basolwa babaleke ngezimoto ezimbili, okuyiMercedes Benz empunga kanye nemoto eluhlaza yohlobo lwe-Hyundai.

Amaphoyisa aphenya icala lokugebenga futhi akukaboshwa muntu ngalesi sehlakalo kanti ngenhlanhla akuzange kulimale muntu, kubika iThe Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...