Izigebengu zinqume owesilisa ikhanda, zamkhipha nenhliziyo

2017-11-24 14:00

Washington – Iqembu lezigebengu elidumile eMelika - uMengameli Donald Trump athembisa ngokuliqeda - linqume owesilisa ikhanda, ngaphambi kokuba limkhiphe inhliziyo labe selimngcwaba epaki ngasenhlokodolobha yaseMelika, ngokusho kwemibiko ngoLwesithathu.

Isisulu, ebesingakahlonzwa, sigwazwe amanxeba angaphezu kwangu-100 esigamekweni esenzeke eWheaton, eMaryland ngaphandle kwaseWashington DC, ngokwesitatimende esikhishwe yiMontgomery County Police Department.

Iziphathimandla kuze kube manje zisabophe uMiguel Angel Lopez-Abrego, 19, kanye nomunye osolwa ngokuba yilungu leqembu lezigebengu elaziwa nge-MS-13, ngecala lokubulala. Abanye abasolwa basathungathwa.

OLUNYE UDABA: Bazonikezwa isikhathi sokuhluza kahle umqondo abacabanga ukudivosa

Kuthiwa lesi sigameko izigebengu besekuphele amasonto zisihlela kanti sibandakanya abantu abangafinyelela kwabayishumi.

Kubikwa nokuthi ithuna angcwatshelwe kulona umufi lambiwa ngaphambi kokuba abulawe.

Ngesonto eledlule iziphathimandla zimemezele ukuthi sezibophe amalungu angu-214 eqembu lezigebengu ezweni lonke emkhankansweni odonse inyanga.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...