Izigebengu zikhale zemuva nezevatho zesonto

2016-06-24 16:04

Johannesburg - Ngesikhathi uXoliswa Dudu ebuyela ekhaya uphuma emsebenzini ethola umnyango wendlu ugqekeziwe, wathandazela ukuthi kungakuhle umangabe zingebiwanga izicathulo zakhe.

Kodwa ngesikhathi ebheka, zonke izicathulo zakhe ezingu-23 bezingekho, kuhlanganisa nalezo azithanda kakhulu azigqoka enkonzweni kuphela ngamaSonto.

Funda nalolu daba: Ugqeme umkakhe ethola ithawula elinesidoda senye indoda

Owesifazane,56, waseProtea Glen eSoweto utshele iDaily Sun ukuthi ubesemsebenzini ngesikhathi kugqekezekwa endlini yakhe.

Uthi izigebengu ziphinde zamtshontshela nezevatho zakhe zesonto.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Kay Makhubela ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokweba kodwa wathi bekungakaboshw amuntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...