Izigebengu zikhahlele owesifazane ozithwele esiswini

2017-09-27 11:01

Johannesburg - Owesifazane ozithwele ukhahlelwe esiswini ngesikhathi engenelwe izigebengu emzini osePollak Park, eKurhuleni, kubika iSprings Advertiser.

Lo wesifazane nabanye abebesendlini baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane beyolashwa kulandela ukuhlaselwa ngemuva kokuba amadoda amathathu engene emzini oku-Oasis Road ebusuku.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa aseSprings uCaptain Johannes Ramphora, la madoda abehlome ngezibhamu.

OLUNYE UDABA:Kugqekezwe umuzi emini libalele eMnambithi

"Abasolwa bavalele izisulu egumbini elilodwa, azishaya," usho njalo.

URamphora uthe lo wesifazane ukhahlelwe esiswini, owesilisa wasikeka ekhanda kwatyhi omunye wasikeka ngasesweni.

Izigebengu zibaleke namaselula awu-10, impahla yokugqoka ebisemagumbini awu-7 okuqashiswe ngawo. Abasolwa baphinde bathatha nethelevishini, namanye amaselula amahlanu kanye ne-amplifier.

"Kuqhume isibhamu kwelinye lamagumbi, kwatholakala igobolondo endaweni yeisgameko," kusho uRamphora.


Amaphoyisa aphenya isigameko sokuphanga.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...