Izigebengu zihlasele ikhaya labaphila nokukhubazeka

2017-03-02 12:31

Johannesburg – Oshayasibhamu abayisikhombisa babambe inkunzi ikhaya labantu abaphila nokukhubazeka eMpumalanga, kusho oKlebe ngoLwesine.

Izigebengu zihlasele ikhaya iSunfield Fortuna, okuyikhaya elingasepulazini eBalfour, ngezithuba zabo-22:00 ngoLwesibili, kusho uBrigadier Leonard Hlathi.

"Izigebengu ezine bese zingaphakathi. Zisabise isisebenzi kanye nemenenja, zabaphoqa ukuba bavule umnyango ongemuva ukuze kungene abanye abathathu.

"Isisebenzi sishaywe ngensimbi, ngemuva kwalokho zombili izisulu zaboshwa ngentambo," esho.

OLUNYE UDABA Kutholakale umbungu emgqonyeni

Izigebengu ziseshe indlu, nokuthe uma zingatholi lutho, zaphoqa imenenja ukuba ibabhalele isheke, esho.

Zithathe omakhalekhukhwini, zabaleka ngemoto yohlobo lweToyota Quantum ebisetshenziswa kuleli khaya.

Izisulu zikwazile ukuzikhulula, zabikela amaphoyisa.

IQuantum itholakale ngokuhamba kwesikhathi emgwaqeni. Izigebengu zisagcwele izinkalo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Heavy rain. Breaks of sun late. Warm. PE: 14-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...