Izigebengu zigasele esitolo sobucwebe eMnambithi

2017-05-19 14:03

Durban - Amadoda amathathu abehlome ngezibhamu agasele esitolo sobucwebe eMnambithi ngoLwesine ntambama.

Ngokubika kwephaphandaba iLadysmith Gazette la madoda agasele kulesi sitolo azenza amakhasimende azothenga.

Umsolwa oyedwa ugxume wahlala ngale komshini wemali wakhomba imenenja ngesibhamu.

Lo msolwa uvimbezele imenenja wayifaka ngemuva kwesitolo lapho okugcinwa khona impahla. Ufike ngemuva wayibopha ngentambo kusukela emqaleni nasemahlombe kanye nezandla.

Abasolwa ababili bavimbezele abasebenzi ababili ngaphambili esitolo. Laba baphoqe abasebenzi ukuba bavule umshini wemali kanye nashalofu okuhlala kulo ubucwebe.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa athungatha abaphange isitolo sobucwebe eKapa

Ngokusho kwabasebenzi, lokhu kwenzeke ntambama seligamenxe ihora lesithathu.

Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...