Izigebengu zebe izinkomo zazihlabela ngaphandle kwepulazi

2017-08-18 15:59

Limpopo - Izinkomo ezinhlanu zihlatshwe ngoLwesine ebusuku phakathi kuka-18:30 no-20:45 ngemuva kokuthi zishokhwe yintambo kagesi ebezicushwe ngayo.

Kuthiwa abasolwa bacuphe lezi zinkomo bazihlabela ngaphandle kwepulazi e-Ofcolaco, eTzaneen.

Umnikazi wepulazi uWillie Smit uthi ubikelwe yisisebenzi sakhe ngabantu abeba imfuyo njengoba bekunezinkomo ebezishoda.

Ngokubika kwephephandaba i Letaba Herald umnikazi wepulazi ushayele izinkampani zonogada kanye namaphoyisa ase-Ofcolaco.

OLUNYE UDABA:Babanjiwe abasolwa ngokweba izinkomo ezingu-20 eMpendle

Amaphoyisa nonogada bafike bathola izinkomo sezihlatshiwe kanti izinja zamaphoyisa zimatasa zilandela umkhondo wabasolwa.

Kukholakala ukuthi abasolwa bebehamba ngeveni yohlobo lwe-Ford Explorer etholakale buqamama nendawo yesigameko.

Amaphoyisa athi indlela ezihlatshwe ngayo lezi zinkomo kuyabonakala ukuthi lokhu kwenziwe ngabantu abanesipiliyoni sokuhlaba.

Amaphoyisa alandele umkhondo wabasolwa kwaboshwa abantu ababili endaweni yasePharare. La basolwa batholwe nenqwaba yenyama kanye nezimpahla ezigcwele igazi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 19-28°C High level clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...