Izigebengu zaseMlazi zihlela 'ukugadla emaphoyiseni'

2017-09-06 17:59

Durban - Kutshalwe amaphoyisa amaningi elokishini eMlazi, eningizimu neTheku, kulandela izinsolo zokusabisa kwezigebengu nggemuva kokusabalala komyalezo ezinkundleni zokuxhumana.

Kuthiwa nguza ezinkundleni zokuxhumana indaba yokuthi izigebengu zizokweba izimoto futhi zihlasele namaphoyisa ukuze ziziphindiselele ngokubulawa komunye wabo ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthi bakuthathela phezulu lokhu futhi bazoqinisekisa ukuthi amaphoyisa asiqapha ngawokhozi isimo.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa aphenya elentombazane ‘evuke ekufeni’

"Amaphoyisa ayaqhubeka nomkhankaso wawo eMlazi wokuthungatha izigebengu nokuqapha isimo njengoba kunezinsolo zokuthi izigebengu zaseMlazi zihlela ukugadla emaphoyiseni futhi zihlela ukweba inqwaba yezimoto," kusho yena.

UMbhele uthi abemaningi amaphoyisa kuleli lokishi ngoLwesibili ebusuku kanti bezingekho nezigameko zobugebengu ezibikiwe.

UChillies kuthiwa wadutshulwa ngamaphoyisa ngemuva kokutholakala nemoto eyebiwe.

Kuthiwa ub engungqondongqondo ekukhipheni ama-tracker ngobunono ezimotweni ezisuke zebiwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...