Izigebengu ezibambe izinkuni zidubule nomnikazi wemoto zibaleka

2017-03-13 07:42

Cape Town – Izigebengu zidubule umshayeli wemoto ngesikhathi zibaleka kulandela ukubamba inkunzi eTable View ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana uthe abasolwa abathathu babambe inkunzi indawo yokucima ukoma kuPorterfield Road ngo-11:00 ekuseni.

Ziphethe isibhamu, izigebengu zifune imali, zabaleka nesamba esingadalulwanga.

OLUNYE UDABA: Kuduma upotiyane koxoshwe yinyuvesi

Ngesikhathi zibaleka, ngokuso kukaRwexana, izigebengu zidune imoto ebipake endaweni eseduzane.

“Kuqhume kabili isibhamu kwadutshulwa umnikazi wayo walimala, usho kanje.

Bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa ayaphenya kanti kuvulwe necala lokuzama ukubulala, elokuphanga nokudunwa kwemoto.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...