Iziboshwa zisike izinsimbi zeqa esitokisini

2017-08-29 12:30

Johannesburg - Amaphoyisa aseLephalale athungatha abasolwa abane abeqe esitokisini izolo ekuseni.

Kuthiwa izigebengu zeqe esitokisini ngoMsombuluko ngezithuba zabo-05:30 ekuseni.

Iziboshwa ezeqile kuthiwa zisike izinsimbi esitokisini, zagxumela ngaphandle zabaleka.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe osolwa ngokuvulela ngenhlamvu eGoli

Iziboshwa kuthiwa ngoCollin Muleye, 40, Oscar Kapandura,32, Oupa Sithole, 22 noJohn Mlambo, 35.

Bonke baboshwa ngamacala okuphanga, ukugqekeza imizi yabantu kanye nawokweba.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uMoetshe Ngoepe unxuse noma ngabe ngubani onemininingwane engaholela ekuboshweni kwabasolwa abeqile, ukuba baxhumane noCaptain Hlengane Johannes Hlungwane ku-082 565 7968 noma nesiteshi samaphoyisa esiseduzane.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-27°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-25°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. PE: 19-26°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...