Izakhamuzi ziyibulele ingwe ebisiyiqedile imfuyo
2017-10-15 10:03
Johannebsurg - Izakhamuzi ziyibulele ingwe ebisiyiqedile imfuyo endaweni esePeddie, e-Eastern Cape kusukela ngoJuni.
Izakhamuzi zidinwe zagana unwabu ngesikhathi zithola ukuthi ihlasele owesilisa oyisakhamuzi, kwaholela ekutheni ziphoqeleke ukuba zilibulale leli kati lasendel.
"Le ngwe ingigxumele ebusweni ngawela phansi ngomqolo, yangiklwebha. Ngenhlanhla yaphazanyiswa izinja zami ebengihamba nazo, yasuka kimi, yanyamalala," kusho uLindile Mbilane osindile.
OLUNYE UDABA:Ingwe ibulale owesifazane yalimaza kabi omunye
Leli kati belibulala izimbuzi ezine noma ezinhlanu ngesikhathi. Umphakathi uzama imizamo yokuba unxephezelwe ngemfuyo yawo.
Abezemvelo abatholakalanga bephawula.
Kube yimpumelelo ukuzingelwa kwaleli kati.
"Obekwenziwa yile gwe wukusihlukumeza, idla yonke imfuyo yethu, izimbuzi, izinkomo, izimbongolo, konke nje. Sijabulile manje. Ngesikhathi sibona umzimba wayo sijabule kakhulu. Besifisa engathi ingavuka isitshele ukuthi ibisihlukumezelani. Sithokoze kakhulu, kusho isakhamuzi sendawo, uNoludwe Budaza.
Le ngwe ihlinziwe yaphekwa.
- SABC
- News24