Izakhamuzi zishaye zabulala umsolwa

2017-03-18 14:05

Johannesburg -  Owesilisa wase-Eldorado Park ushaywe wabulawa yizakhamuzi, zimsola ngokubulala omunye umuntu wesilisa ngesonto eledlule.

Amaphoyisa athi izakhamuzi zithathe isinqumo sokuzimbambela ngezandla zawo umthetho ngoLwesihlanu ebuku, zithi umsolwa ubulale owesilisa walahla isidumbu sakhe ngaphansi kwebhulohwe.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthi kuvulwe icala lokubulala kodwa bekungakaboshwa muntu okwamanje.

OLUNYE UDABA: Kume ukuhamba kwamabhanoyi kudutshulwa umuntu e-Airport

Uthe amalungu omphakathi awakugweme ukuzibambela umthetho ngezandla.

“Siyacela emphakathini ukuba ungazibambeli umthetho ngezandla zawo, ukuba uyekele amaphoyisa enze umsebenzi wawo. Uma amalungu omphakathi enemininingwane, awaye amaphoyiseni ukuze abasolwa bezoboshwa.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-26°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 15-22°C Heavy rain. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...