Izakhamuzi zaseSoshanguve 'zixoshe' imeya kunembizo

2017-03-06 09:30

Johannesburg – Izakhamuzi zaseSoshanguve zinqabe ukulalela iMeya yaseTshwane, uSolly Msimanga, eMatubase Community Hall, nokwenze yashiya imbizo ngeSonto.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu nokuHlaliswa kwaBantu eGauteng, uPaul Mashatile, usigxekile isenzo sezakhamuzi, wacela ukubekezelelana.

"Umphakathi ngiwutshele ukuthi uma sisebenza njengohulumeni kumele sisebenzisane nomasipala; yingakho ngifike lapha nomeya. Ezinye zezinto okumele zenziwe komasipala kumele zenziwe yibona,” kusho uMashatile.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo owe-ANCYL osolwa ngokushaya iphoyisa

UMashatile uthe kodwa kubenzima ukuphoqa umphakathi ukuba ulalele umeya.

"Njengohulumeni asiyikhuthazi imiphakathi ukuba ingabalaleli abaholi bakahulumeni. Yingakho ngizamile ukubacela kodwa kuvele kwasicacela ukuthi abantu abamfuni,” usho kanje.

UMashatile noMsimanga bebenikezela ngezindlu kubanikazi bazo, behlola nemiklamo nezinye izinkinga zomphakathi, ikakhulukazi ukubambezeleka kwezinhlelo zokunikezelwa kwezindlu eSoshanguve, ePitoli.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...