Izakhamuzi zaseGlebelands zifuna kudedelwe abasolwa ngamacala okubulala

2018-01-28 13:32

Johannesburg – Kunokukhathazeka mayelana nezimfuno zezakhamuzi zasehostela laseMlazi elidume kabi, iGlebelands, njengoba zifuna kukhululwe labo abasolwa ngezigameko zokubulala KwaZulu-Natal.

NgoMgqibelo, lezi zakhamuzi zimashele esiteshini samaphoyisa esiseMlazi zinxenxa ukuthi kudedelwe abasolwa abayisikhombisa abasanda kuboshwa malunga nezigameko zokubulala kuleli hostela.

Leli hostela kukholakala ukuthi liyisizinda sabasolwa ngokuba yizinkabi abayamaniswa nezigameko eziningi zokubulala okuhlobene nezepolitiki esifundazweni.

Isishoshovu uVanessa Burger uthi ukholelwa ekutheni lezi zakhamuzi zifakwe umoya ngabathile ukuba zeseke lesi siphakamiso.

“Kuyakhathaza kakhulu lokhu futhi kungokokuqala kwenzeka. Ngonyaka owedlule, ngesikhathi amaphoyisa esenza umsebenzi oncomekayo, kube namamashi amathathu lapho umphakathi wazama khona ukuvusa uthuthuva.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...