Izakhamuzi zaseCape Flats zithi zihlala emanyaleni

2017-07-30 09:32

Johannesburg - Izakhamuzi zasemjondolo eseKapa zifunge zagomela ngokuqhubeka nokudala isiphithiphithi kuze kube wukuthi idolobha libheka isimo ezihlala kuso.

Ekuqaleni kwesonto, izakhamuzi zasePhumlani Village nezaseRiemvasmaak esuzane nasePelican Park, zivale imigwaqo ngamathayi avuthayo.

Zisola idolobha ngokuziba izikhalo zazo, zezidingo zomphakathi okubalwa kuzo ukuqoqelwa udoti kanjalo nokwakhelwa amathoyilethi asesimeni esikahle.

OLUNYE UDABA: Imeya izothenga imoto ngemali ebibekelwe izidingo zomphakathi

Idolobha laseKapa lithi liwalungisa njalo amathoyilethi kanjalo nempimpi endaweni.

Kodwa izakhamuzi zikhala ngokucitheka kwendle, idolobha lithi lokhu kudalwa wukuthi abanti balahla udoti kosinki nasemathoyilethi.

"Siphoqelekile ukuthi sihlale endaweni engahlanzekile. Ngizokubeka kanjalo ngoba kunjalo," kusho umholi womphakathi uSidwell Kweba.

"Indle uyithola igijima emgwaqeni iyongena ezindlini zabantu futhi kunodoti yonke indawo. Akuhlanzekile ukuthi umuntu engadla kahle ukudla ebe enukelwa yindle noma eyibuka iyomngena kwakhe, lokho akulungile."



 - eNCA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...