Izakhamuzi zakuleli zehlukene phakathi ngesipesheli sakwaSpur

2017-10-25 19:31

Johannesburg - Isitolo sokudlela sakwaSpur sigubha iminyaka engu-50 selokhu sabakhona kanti sinqume ukujabulisa amakhasimende aso ngokwehlisa amanani okudla okukhethekile.

Lesi sipesheli sokugujwa kwale minyaka ngesezinsuku ezintathu, lapho amakhasimende ezokwazi ukuzitika ngokudla okubalwa kukho ama-ribs angu-300g, umbengo ongu-200g noma i-chicken schnitzel ngemali engu-R50 nje kuphela kunoma yimuphi uSpur eNingizimu Afrika.

Lesi sipesheli sehlisa ngesigamu amanani ajwayele ukuba ngu-R99.90 ipleti ngalinye.

OLUNYE UDABA:Kuhlokoma izinkundla ngendoda yomlungu ehlasela owesimame omnyama eSpur

Izakhamuzi zakuleli zisizakele njengoba iningi lazo liphuthume kulesi sitolo zayoma kolayini abade zilinde ukungena ngaphakathi.

Izinkundla zokuxhumana nazo azikwazanga ukusala ngaphandle njengoba zibeke imibono yazo ngobekuqhubeka.

Iningi labantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana bazwakalise ukujabula kwabo ngalesi sipesheli abanye bagcona amakhasimede akwaSpru kanti abanye basigxekile lesi sitolo nalabo abasesekayo, bakhumbuza abantu ngesigameko sokucwasa esake senzeka kuso lesi sitolo kulo nyaka.

 - Twitter:

 - The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...