Izakhamuzi zakuleli azisenamahloni okusebenzisa amathoyizi ocansi - Ucwaningo

2017-02-16 19:34

Johannesburg - Aphelile amahloni kubahlali baseNingizimu Afrika njengoba kubikwa ukuthi sesandile isibalo sabantu abakuthokozelayo ukusebenzisa amathoyizi ocansi, lokhu kungokuthola kocwaningo lokuqala ezweni lwemboni yamathoyizi ocansi.

Abantu bathi ukusebenzisa la mathoyizi, kuqhuba isikhathi sokudlalisana ekamelweni futhi afikisana kaningi kuvuthondaba.

Amakota amathathu abantu ababe yingxenye yalolu cwaningo baqinisekise ukuwasebenzisa amathoyizi ocansi.

OLUNYE UDABA: Amathoyizi asetshinziswa ocansini!

Lolu cwaningo lwenziwe ngabeDesir, okuyisitolo esiku-internet esidayisa amathoyizi ocansi, ngemuva kokuvela kokuthi iNingizimu Afrika iyizwe lesithathu emhlabeni wonke jikelele eliinezinga eliphezulu labantu ababheka amathoyizi ocansi ku-internet, lokhu kungezibalo zakwa-Google.

Kuphoswe imibuzo abantu abangu-700 mayelana nocansi namathoyizi alo.

Abantu abaningi bathe abawasebenzisi amathoyizi ocansi ngoba abanandaba nawo, hhayi ngoba benamahloni okuwasebenzisa.

Lolu cwaningo luphinde lwadalula ukuthi  yini eyenza abantu bathenge amathoyizi ocansi bathi "basuke befuna lube mnandi kakhulu ucansi lwabo".

Ezinye izithandani zithe zithanda ukuwasebenzisa ndawonye amathoyizi ocansi.

Bangu-80.40% abantu abathe bawasebenzisa kanye ngesonto noma kahlanu ngenyanga, ngesikhathi bebuzwa ukuthi bawasebenzisa kangakhi amathoyizi ocansi.

I-vibrator yiyo ethandwa kakhulu njengoba kuyiyo ehlezi ithengwa, kuqhuba ucwaningo.

Iningi labantu lithe lincamela ukuthenga amathoyiz ku-internet kunokungena esitolo esiwadayisayo.

 - Sunday Times

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...