Izaguga zithi ziyamxolela uNgqongqoshe ngodaba lakwa-Sassa

2017-03-18 08:29

Johannesburg – UNgqongqoshe wezokuThuthikiswa koMphakathi uBathabile Dlamini wenze kahle waxolisa ngendlela asingathe ngayo udaba lwezinkinga zemali yesibonelelo, kusho abantu ababili abahola imali yempesheni betshela iNews24 ngoLwesihlanu.

"Siyakwamukela ukuxolisa kukaDlamini. Kumele simxolele, uma nje bezosiholela. Wenze kahle ngokuxolisa,” kusho u-Evelyn Meselane, 63, ngaphandle kweNkantolo yoMthethosisekelo.

Ubehleli ebhentshini  eduze kukaLulama Muso, 72. Unabazukulu ababili abanakekelayo ngenxa yokuthi indodakazi yakhe ayisebenzi, futhi iphula ngokugula.

OLUNYE UDABA: Kushone owesimame kwalimala abangu-12 kweyetekisi

Bobabili bahola imali yesiboneleli sikahulumeni. UMeselane unezingane ezintathu ezingasebenzi futhi unakekela abazikulu ababili.

Bobabili laba besifazane bebezolalela isinqumo senkantolo ngoLwesihlanu ekuseni.

"Baningi abantu abathwele kanzima, abathembele emalini yesiboneleli sikahulumeni. Abanye banakekela abazukulu babo ngayo futhi abanakho ukudla emakhaya. Imali bayisebenzisela nokuthengela izingane izinto zesikole,” kusho uMeselane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...