Izaguga zithi u-R90 awuwenzi umehluko

2017-02-23 11:02

Johannesburg - Izaguga ezimbili eziphila ngemali yempesheni zithi isabelomali esethulwe wuNgqongqoshe weziMali uPravin Gordhan siyashaqisa futhi sitshengise ukuthi uhulumeni akabathatheli phezulu ogogo nomkhulu.

Ngesikhathi senkulumo yesabelo zimali ka-2017/18 ngoLwesithathu, uGordhan uthe isibonelelo sezaguga sizonyuka ngemali engu-R90 okwenza kube ngu-R1 600 kwezineminyaka engu-60 ubudala kuya phezulu kanti eyezaguga ezineminyaka engu-75 kuyaphezulu izoba ngu-R1 620.

UBetty John, 61, nomyeni wakhe uSeon, 70, bazonyukelwa yimali engu-R180 emholweni wabo wenyanga uma usuhlangene.

OLUNYE UDABA: #Budget2017: Isinyusiwe imali yesibonelelo sikahulumeni

Bobabili baphila ngemali yempesheni abayithola nyanga zonke.

Lezi zithandani zithe uma isimo sesiya ngokubanzima, zikhalela ezinganeni zazo.

Umholo wethu wemali engu-R3 200 uma usuhlangena awusaneli.

"Ayipheli inyanga le mali isakhona. Kufanele siqinisekise ukuthi siyisebenzisa ngokucophelela uma kungenjalo sizoba nenkinga," kusho uJohn.

Lezi zaguga zithi uR90 awuwenzi umehluko kule mpilo yazo enzima.

"Kuyashaqisa ukuthi uR90 kuphela okhishelwe thina," kusho uSoen.

"Siyakuqonda ukuthi izimali azimile kahle kuhulumeni kodwa abantu asebekhulile kufanele banakekelwe kuleli zwe. Yebo, sesikhulile, kodwa nathi sifanelwe yimpilo esezingeni elihle."

Lezi zithandani zithe azikulindele ukuphila impilo yezicukuthwane kodwa ukuzama ukuthenga izinto eziyizidingo kuyinkinga.

 - The Star

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...