Iyinkinga indaba yokucwasana ezinkundleni zokuxhumana

2016-05-12 17:01

Pretoria –Ibambela likaNgqongqoshe waseHhovisi likaMengameli uNosiviwe Mapisa-Nqakula uzigxeke kakhulu izinkulumo ezenziwe umahluleli uMabel Jansen, kubika iNewswatch.

UMapisa-Nqakula uyichaze njengehlazo indaba yokuthi ijaji okuyilona elibekelwe ukuqinisa umthetho kuleli lizwe libhebhethekisa ukucwasana ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA:"Ukucwasana ngokwebala kubuyisela izwe emuva"

“Izinto ezikhulunywe ilunga eliphezulu lezobulungiswa futhi engaziphathi ngendlela alindelwe ukuba aziphathe ngayo kubi kakhulu,” kusho yena.

UJansen usenikezwe ikhefu elikhethekile ngenxa yezinto abezibhala ezinkundleni zokuxhumana ethi kuyingxenye yosiko lwabantu abamnyama ukudlwengula.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...