Iyindida eyabatholakale bedindilizile emotweni, eMsinga

2017-02-17 12:31

eMsinga - Umphakathi waseMawozini usale ubambe ongezansi kutholakala izidumbu ezintathu ezinamanxeba okudutshulwa emotweni.

Laba ngoMuntuwaziyo Zuma, 32, kanye namanye amadoda amabili angakaziwa, batholakale bedindilizile emotweni yohlobo lweToyota Corolla.

Kule moto, amaphoyisa athole nezibhamu ezimbili okusolakala ukuthi azikho emthethweni kanye nezinhlamvu ezingu-56.

Ngesikhathi abeSolezwe bexhumana nomndeni wakwaZuma, ilungu lalo mndeni elingathandanga ukuba igama lalo lidalulwe lithe nabo basadidekile ngalokhu okwenzekile.

OLUNYE UDABA:Kushone abathathu ezingozini ezehlukene

"Okusidida kakhulu wukuthi imoto abatholwe kuyona asazi ukuthi ngekabani ngoba umufi uhamba ngenye imoto. Okunye okuningi okwenzekiile akukasicaceli kahle ngoba asinalo ulwazi," kusho owakwaZuma.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa asaphenya.

UZwane unxuse amalungu omphakathi ukuba asize ngolwazi olungenza uphenyo lwamaphoyisa lube yimpumelelo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...