Iyavela futhi intombazane ngokuzenza udokotela wenhliziyo eLimpopo

2016-07-06 11:35

Johannesburg - Udokotela mbumbulu kulindeleke ukuba aphinde avele eNkantolo yeMantshi yasePolokwane ngecala lokukhwabanisa.

UMaria Mokgobu, 19, waboshwa ngenyanga ephelile ngamaphoyisa ophiko loKlebe ngokuzenza udokotela wenhliziyo.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele udokotela mbumbulu ogxishe owesifazane-ithermometer ezinqeni

UMaria Mokgobu waboshwa ngumnyango wezempilo waseLimpopo ePolokwane ngesikhathi esalinde ukuhlolelwa umsebenzi kadokotela wenhliziyo.

Iziphathimandla aomnyango zasola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesitifiketi sakhe sokubangudokotela wenhliziyo okuthiwa ngesasenyuvesi yaseMelika.

UMokgobu kulindeleke ukuba alivume icala njengoba ethi uyazi ukuthi wenza okungalungile, kubika i-SABC.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...