Ixhumana kanjani insangu ne-HIV? Thola kabanzi…

2017-07-28 18:00

Cape Town – Ucwaningo oluvezwe kwi-9th International AIDS Society (IAS) Conference on HIV Science eParis kuleli sonto iveze ukuthi ukusebenzisa insangu zonke izinsuku kungase kube nemiphumela emihle yokuvikela isibindi ebantwini abane-hepatitis C ne-HIV.

Lolu cwaningo olwenziwe yiFrench National Agency for AIDS Research (ANRS), belubheka umthelela wokusetshenziswa kwensangu kulabo abasengcupheni yokuba ne-hepatic steatosis (okuyisimo esingajwayelekile sokutholakala kwamafutha esibindini).

Ngokusho kwenhlangano yezempilo ezize eMelika, iMayo Clinic, ukutholakala kwamafutha esibindini kungase kudale ukulimala okungalungiseki kuso.

Kuthiwa uma isimo siba sibi kakhulu kungadala nokuthi isibindi sigcine singasasebenzi.

OLUNYE UDABA: Kuvele imiphumela emangalisayo kwenziwa ucwaningo lwama-ARVs kone-HIV

Ezigulini ezingu-838 ebeziyingxenye yalolu cwaningo u-14% ubike ukuthi usebenzisa insangu zonke izinsuku.

Ukusetshenziswa komthunzi wezinkukhu zonke izinsuku kuyamaniswa nokwehla ngo-40% kwengozi yokuthola i-steatosis, nokutholakale ukuthi izinga layo liphansi kwabasebenzisa insangu.

UDkt Patrizia Carrieri, ongumcwaningi kuFrench National Institute of Health and Medical research, uthe kudingeka kwenziwe olunye ucwaningo mayelana nokuxhumana phakathi kokusetshenziswa kwezidakamizwa ezithile kanye nesifo sesibindi ukuqinisekisa lezi zincomo.

“Ngokusobala, izincomo ze-ANRS ngeke ziyalelwe iziguli ezine-Hepatitis C kanye ne-HIV ukuba zizisebenzise ngenxa yezizathu ezithile,” esho. – Health-e News.

- Health-e News

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...