IVIDEO: Abakwa-Ford SA baphendula ngemoto eshe ihamba

2016-12-20 13:31

Cape Town – Inkampani eyakha izimoto, iFord SA, isiziphendulele kulandela ukufakwa kwe-video enkundleni yezokuxhumana, uFacebook, ebonisa imoto yohlobo lweFord Kuga isha ubuhanguhangu eThekwini, ngoMgqibelo, mhlaka-17 kuDisemba.

Le video yafakwa kuFacebook ngumholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango.

Ngokombiko we-IOL, umnikazi wale moto, uNivesh Sewpersadh, ubeshayela ngaphandle kweTheku, eNtshonalanga neWestville, ngesikhathi imoto yakhe ivutha amalangabi.

OLUNYE UDABA: Ishise itafula ifoni yakwaSamsung esitolo sokudlela

USewpersadh uthi usehambise le moto yakhe yohlobo lwe-SUV kabili lapho ayithenga khona ngaphambilini, kulandela ukuvela kwelambu lenjini elixwayisayo.

Waphuma kule moto ngaphandle kokuthinteka ngaphambi kokuba kufike abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko.

Abakwa-Wheels24 baxhumane nabakwa-Ford South Africa ukuze baphawule ngalesi sigameko nalapho bethe bayazi ngaso (isigameko) futhi basaphenya.

Bebuzwa ukuthi sezike zaba khona yini ezinye izigameko esezike zabikwa ngaphambilini zokusha kwale moto yohlobo lweKuga, abakwaFord bathi bathe uphenyo lwabo alukaphothulwa.

Mayelana nokuthi zikhona yini izinhlelo zokuthi kucelwe amakhasimende analolu hlobo lwemoto ukuba alubuyisele emuva, bathe bazokwenza njalo uma ngabe kubonakala isidingo.

AbakwaFord baphinde bakuqinisekisa ukuthi umnikazi wale moto wabathinta ngalesi sigameko kanti basaxhumana naye.

IMIFANEKISO:

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...