Ivelile enkantolo indoda eyaqamba amanga ngokudunwa

2018-02-01 08:05

Johannesburg - Ivelile indoda eneminyaka engu-37 ubudala eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngecala lokuqamba amanga ngokudunwa, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe le ndoda kusolwa ukuthi yaqamba amanga ngokudunwa ngomhlaka-23 Januwari, eSpringfield Park.

OLUNYE UDABA:Uvelile umyeni weSekela likaSotswebhu we-ANC 'ngokuqamba amanga'

"Ngomhlaka-26 Januwari 2018 ngezithuba zabo-11:00, umsolwa wabikela amaphoyisa ngokudunwa imoto yohlobo lweSilver Jaguar eduzane naseMount Moriah ekhonjwe ngesibhamu ngamadoda amabili. 

"Ngalo lolu suku, imoto yatholakala eChesterville umsolwa waboshwa," kusho uMbhele.

"Uphenyo lwamaphoyisa ludalule ukuthi 'isisulu sokudunwa' sazihlelela isigameko ngenhloso yokukhwabanisela umshwalense wemoto.

"Le ndoda yathweswa icala kulandela ukuvulwa kwecala lokwephula umthetho."

 - African News Agency/ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...