Itwetwe kumalungu njengoba u-MMM ushintsha izinhlelo

2016-05-03 16:01

Cape Town – Amalungu ka-MMM Global SA angase alahlekelwe yizindodla zemali kulandela ukumiswa kwama-akhawunti awo kwashintshwa nohlelo ngenxa yokwehla kwesibalo sabantu abajoyinayo.

Abaholi bohlangothi lwakuleli lwe-MMM basola abezindaba ngokufaka abantu itwetwe ekutheni bajoyine lesi sikhwama okusolakala ukuthi siyibhanoyi.

Kanti basola abezindaba ngokuqalwa phansi kwezinhlelo okwenzeke ngomhlaka-30 Ephreli.

I-MMM SA itshele amalungu ukuthi: “Sesinqume ukuqala phansi konke, ayikho enye into esingayenza.”

Amalungu ka-MMM azwakalise ukukhathazeka kwawo ezinkundleni zokuxhumana, kanti eliye ilungu liphumele obala lathi uma kubheda izinto lingase lilahlekelwe u-R30 000.

OLUNYE UDABA: Abezindaba namabhange bazama ukusiza abantu ngo-MMM - Asisa

U-BM Abinet ubhale kuFacebook wathi egcina ukubheka imali anayo ku-MMM ibingu-R35 798, "kepha manje uhlelo lungitshela ukuthi ngino-5 798 mavros, uphi u-R30 000 wami?”

U-MMM SA utshele amalungu ukuthi kusukela ngomhlaka-30 Ephreli wonke ama-akhawunti azomiswa kanti asezobizwa “ngama-mavros amadala” kanti futhi “ngeke basakwazi ukuwasebenzisa”.

“Njengoba sisalungisa izinto, sizothumela u-10% wemali efakiwe ukukhokhela ama-mavros amadala. Zonke ezinye izimali zizokhokhwa ezinyangeni ezibalelwa kweziyisithupha.

“Sizoyikhokha nakanjani yonke imali, akungabazeki. Kumele nilinde nje kuphela.”

Kuthiwa kwathunyelwa umyalezo ofanayo nakumalungu eKipi – eyagcina ukukhokhela abantu ngoDisemba 2015.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...