Ithunjwe nguyise ingane enenyanga izelwe

2017-09-06 07:01

Johannesburg - Kuthunjwe ingane enenyanga eyodwa izelwe eMayfair, eGoli, ngokusho kombiko wabezindaba.

Le ngane kusolakala ukuthi ithunjwe ngubaba wayo ngoMsombuluko ntambama.

Kuthiwa ubaba wale ngane udabuka e-Egypt kanti ukuleli ngokungemthetho.

OLUNYE UDABA:Kuthunjwe ingane umama eyobhala izivivinyo

Kuzwakale ukuthi ubevakashele ingane ngesikhathi ebaleka nayo.

Ugogo wengane uzamile ukumnqanda waze wagxuma wahlala ngisho naphezu kwemoto kodwa wahluleka ukuvimba le ndoda ukuba ibaleke nomzukulu wakhe.

Umndeni kuthiwa uthole ucingo oluvela kule ndoda ngoMsombuluko ebusuku, ibasabisa ngokufulathela elakuleli nengane.

 - eNCA


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...