Itholwe iyisidumbu ingane yesikole e-E Cape

2017-09-14 07:00

Johannesburg - Itholwe isiyisidumbu intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, inamanxeba ayinqwaba okugwazwa emzimbeni e-Eastern Cape esigodini saseLibode ngoLwesibili.

Isisulu besiwumfundi esikoleni iSehushe Senior Secondary, eCorhana, sitholwe sidindilize edamini legazi emzini ebesihlala kuwo eMchonco, eMdlankomo okuyindawo engamakhilomitha angu-5 ngaphandle kwaseLibode.

OLUNYE UDABA:Kutholakale isidumbu sowesilisa eshisiwe emotweni yakhe

Okhulumela amaphoyisa aseMthatha, uCaptain Dineo Koena, uthe isidumbu sitholwe ngumakhelwane wesisulu.

Umakhelwane uphinde waqinisekisa ukuthi isisulu, igama laso elisagodliwe njengoba umndeni ungakabikelwa ngodaba, sidlwenguliwe.

"Besekuphele usuku lonke lwangoLwesibili isisulu singabonakali, omakhelwane base benquma ukuyosibheka endlini ebesihlala kuyo," kusho uKoena.

Kuvulwe icala lokudlwengula nokubulala esiteshini samaphoyisa aseNgqeleni.

UKoena uthe onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba axhumane namaphoyisa aseduze naye noma ashayele uLieutenant-Colonel Nodlabi ucingo ku-079 890 0806.

 - TimesLIVE

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...