Itholakale isiyisidumbu ingane eyawa emhlane umama ebalekela umhlaseli

2017-12-20 14:01

Johannesburg - Isidumbu sengane enezinyaka ezingu-9 izelwe eyaphucwa kunina oyisithuli ngesikhathi bezama ukumdlwengula ezinsukwini ezintathu ezedlule, sitholakele.

Isidumbu sengane, uKutloano Maloitsane, ebesesonakele sitholwe ngoLwesibili ngezithuba zabo-18:30 eduzane nase-Abattoir eParys, eFree State.

"Lesi sidumbu esitholwe sesonakele sitholwe umuntu obedlula ehlathini wabe esebikela amaphoyisa. Ngenxa yesimo ebesesikuso, kube nzima ukuba kwazeke ukuthi le ngane ishone kanjani kodwa sizohlolwa ukuze kuzotholakala," kusho okhulumela amaphoyisa esifundazwe uBrigadier Motantsi Makhele.

Izolo, uMakhele uthe uKutloano waseTokoloho eTumahole kusolwa ukuthi wathathwa yindoda engaziwa ngezithuba zabo-23:00 ngomhlaka-16 Disemba.

"Kusolwa ukuthi umama wengane wayeya emzini wabazali bakhe ebelethe ingane emhlane ngesikhathi ehlangabezana nendoda eyamdonsa ngesandla yazama ukumdlwengula.

"Wakwazi ukubaleka kodwa ngeshwa ingane yawa, le ndoda yayithatha ingane yabaleka nayo. Umama wengane oyisithuli akakwazanga ukumemeza athole usizo," kusho uMakhele.



 - The Star 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...