Itholakale isishonile ingane elahlekile abazali 'bephuzile'

2017-12-05 14:01

eLimpopo - Intombazanyana eneminyaka emibili ubudala elahleke ngesikhathi abazali bayo abebephuzile bezumeka emahlathini, itholakale isishonile.

Lokhu kuvezwe amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili, kubika iThe Citizen.

"Ingane ebilahlekile uNtlaleng Kgola, 2, wasendaweni yase-Emelman itholakale ishonile buqamamana nendawo ebilahleke kuyona ngoMsombuluko.

"Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka yize zingekho izinkomba ezibonisa isenzo sobugebengu esenzakele," kusho uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa ingane eduke abazali belele endleleni, 'bedakiwe'

Amaphoyisa aseLimpopo ngoMsombuluko athe abazali bebeya ekhaya behamba nezingane zabo ezimbili, eneminyaka emibili nenye eneminyaka emine ubudala.

Bebehamba ngendlela yesiZulu edlula esikhotheni bafikelwa ukukhathala, bahlala phansi bethi bayaphumula kanti bazozumeka.

"Kuthe uma sebevuka ngabo-19:00, bathola ukuthi ingane yabo eneminyaka emibili ubudala ayikho, babikela amaphoyisa aqalise ukuyithungatha, kodwa lutho ukuyithola," kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...