Itholakale isaphila ingane esanda kuzalwa ethoyilethi

2017-05-06 09:49

Johannesburg – Ingane esanda kuzalwa itholakale iphila endlini yangasese esenxanxathelenei yezitolo eeKrugersdorp ngoLwesihlanu, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela abakwa-ER24, uRussel Meiring, esitatimendeni uthe abosizo lokuqala bebekule nxanxathela behambele izigameko ezihlukene ngesikhathi baziswa ngale ngane yentombazane etholakele.

OLUNYE UDABA: Ushonile umfana, 3, osacazeke phansi esuka esitezi efulethini

“Abosizo lokuqala bahlole ingane base bathola ukuthi ayizange ithole ukulimala okubonakalayo, yize noma inkaba ibingakanqunywa.

"Abezimo eziphuthumayo baye kule ngane base bayithuthela eYusuf Dadoo Hospital ukuze ithole okunye ukwelashwa,” kusho uMeiring.

Uthi imininingwane ngalesi sigameko ayikaziwa kodwa iziphathimandla ziyaphenya. 

Kwesinye isigameko, usonhlalakale waseDora Nginza Hospital, uthungatha ubaba wosana olusanda kuzalwa olutholakale lulaxazwe e-KFC oseNjoli Square, Kwazakhele, e-Eastern Cape, ngoLwesihlanu ekuseni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uSizwe Kupelo, uthe le ngane itholakale igoqwe ngethawula ebelicwiliswe kwi-spirit kanti bacabanga ukuthi umama ubehlela ukulokhela ngomlilo lolu sana, kubika iHeraldLIVE.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...