Ithemba kubuya izithenjwa zeChiefs ebezilimele

2017-11-29 16:02

Cape Town - Izitobha zeKaizer Chiefs uRamahlwe Mphahlele noKgotso Moleko sebekulungele ukudlala kulandela ukubuyela ejimini njengoba bebelimele.

UMphahlele wagcina ukudlalela aMakhosi emdlalweni we-Absa Premiership ebhekene neSuperSport United ngomhlaka-23 Agasti kanti ubengasabonakali enkundleni ngenxa yokulimala edolweni edlalela iBafana Bafana ngesikhathi itholana phezulu neCape Verde Islands ngomhlaka-5 Septhemba.

UMoleko, owayengene esikhaleni sikaMphahlele emuva, naye ubengabonakali enkundleni kulandela ukulimala edolweni bedlala kwiMacufe Cup behlula iBloemfontein Celtic ngo-Okthoba.

OLUNYE UDABA: Useqalile ukuzilolonga ne-Kaizer Chiefs owayegijima kuChicken Inn FC

Izindaba zokubuyela kwabo ejokeni ziqinisekiswe amaGlamour Boys ekhasini likaTwitter ngoLwesithathu.

Umqeqeshi wekilabhu uSteve Komphela ubebhekene nobunzima ngenxa yeshobolo lokulinyalelwa abadlali kule sizini, ikakhulukazi abadlala emuva.

UTsepo Masilela yena usazohlala ngaphandle njengoba enenkinga yeqakala, kanti uRyan Moon yena ulimele umhlathi njengoba u-Emmanuel Letlotlo yena ethinteke edolweni.

IChiefs izobhekana neChippa United emdlalweni wayo olandelayo ozobanjelwa eNelson Mandela Bay Stadium ngomhlaka-6 Disemba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...